Dlulela kokuphakathi

INGABE KWADALWA?

Ingalo Ye-octopus Emangalisayo

Ingalo Ye-octopus Emangalisayo

Onjiniyela abakha amarobhothi benza ithuluzi elizosiza odokotela bakwazi ukuhlinza isiguli ezindaweni okungafinyeleleki kalula kuzo, ngaphandle kokusisika kakhulu. Into ebasize baqhamuka nale ndlela yokuhlinza ukubona indlela ingalo ye-octopus esebenza ngayo.

Cabanga ngalokhu: I-octopus ingakwazi ukubamba ngokuqinile futhi icindezele into ethile isebenzisa izingalo zayo ezithambile ezingu-8, ngisho noma leyo nto isendaweni encane. Ayigcini nje ngokugobisa kalula izingalo zayo ezithambile, kodwa iyakwazi nokuziqinisa lapho kudingeka.

Abacwaningi bakholelwa ukuthi ithuluzi elisebenza njengezingalo ze-octopus lingaba usizo lapho kuhlinzwa isiguli ukuze kugwenywe ukusisika kakhulu. Leli thuluzi lingasiza lapho isiguli sihlinzwa endaweni ebucayi.

Bona indlela i-octopus esebenzisa ngayo izingalo zayo ezithambile

Usukhona lo mshini osebenza njengezingalo ze-octopus, kodwa awukakasetshenziswa ngokugcwele. Ingxenye yalo mshini ongamamilimitha angu-135, ingakwazi ukuphakamisa nokubamba izicubu ezithambile ezingaphakathi emzimbeni ngaphandle kokuzilimaza, kuyilapho enye ingxenye yawo iqhubeka ihlinza isiguli. UDkt. Tommaso Ranzani oyilungu leqembu elenza lo mshini uthi, “sikholelwa ukuthi indlela yokusebenza kwalo mshini iwukuqala kohlelo olusha noluthuthukisiwe lokuhlinza.”

Umshini othambile nogoba kalula ungaba yithuluzi eliwusizo kakhulu ekuhlinzweni kweziguli

Ucabangani? Ingabe ingalo ye-octopus yazivelela, noma yadalwa?