Dlulela kokuphakathi

Wayebukeka Kanjani UJesu?

Wayebukeka Kanjani UJesu?

Impendulo YeBhayibheli

Akekho owazi ngokuthe ngqo ukuthi uJesu wayebukeka kanjani, ngoba iBhayibheli alisho. Lokhu kusenza sibone ukuthi akubalulekile ukuthi uJesu wayebukeka kanjani. Noma kunjalo, iBhayibheli liyasinikeza isithombe sendlela okungenzeka uJesu wayebukeka ngayo.

  • Ukubukeka: UJesu wayengumJuda, ngakho cishe wayebukeka njengamanye amaJuda. (Hebheru 7:14) Mancane amathuba okuthi indlela ayebukeka ngayo yayihluke kakhulu kweyabantu bangesikhathi sakhe. Ngolunye usuku uJesu wasuka eGalile waya eJerusalema, kodwa abantu ababonanga ukuthi kwakunguye. (Johane 7:10, 11) Wayengahlukile kangako nakubafundi bakhe abaseduze. Khumbula ukuthi ngesikhathi isixuku sifuna ukumbopha, kwadingeka ukuba uJuda Iskariyothe asibonise ukuthi ubani uJesu.​—Mathewu 26:47-49.

  • Izinwele: Kufanele ukuba uJesu wayengenazo izinwele ezinde, ngoba iBhayibheli lithi “uma indoda inezinwele ezinde, kuyihlazo kuyo.”—1 Korinte 11:14.

  • Intshebe: UJesu wayenentshebe. Wayelalela umthetho wamaJuda owawenqabela amadoda ukuba ‘asuse umkhawulo wentshebe yawo.’ (Levitikusi 19:27; Galathiya 4:4) Isiprofetho esasikhuluma ngendlela uJesu ayezohlupheka ngayo, sakhuluma nangentshebe yakhe.​—Isaya 50:6.

  • Umzimba: Ubufakazi bubonisa ukuthi uJesu wayephile kahle emzimbeni. Wayehamba amabanga amade lapho eshumayela. (Mathewu 9:35) Kabili wahlanza ithempeli, egumbuqela amatafula abashintshi bemali futhi waxosha nemfuyo ngesitswebhu. (Luka 19:45, 46; Johane 2:14, 15) I-McClintock and Strong’s Cyclopedia ithi: “Konke ukulandisa kwamavangeli kubonisa ukuthi uJesu wayengumqemane.”​—Umqulu IV, ikhasi 884.

  • Ubuso: UJesu wayengeneka futhi enozwela, lokho kwakubonakala ebusweni bakhe. (Mathewu 11:28, 29) Bonke abantu babeza kuye ukuze abaduduze futhi abasize. (Luka 5:12, 13; 7:37, 38) Ngisho nezingane zazikhululeka uma zinaye.​—Mathewu 19:13-15; Marku 9:35-​37.

Amanga avame ukushiwo ngoJesu

Amanga: Abanye bathi kungenzeka ukuthi uJesu wayedabuka e-Afrika ngoba incwadi yesAmbulo ifanisa izinwele zakhe noboya bemvu, kanti izinyawo zakhe izifanisa ‘nethusi elicolekileyo.’​—IsAmbulo 1:14, 15.

Iqiniso: Incwadi yesAmbulo ikhuluma “ngezibonakaliso.” (IsAmbulo 1:1) Ichaza izinwele nezinyawo zikaJesu ngolimi olungokomfanekiso ukuze ibonise indlela uJesu ayeyiyo lapho esevusiwe, hhayi indlela ayebukeka ngayo ngesikhathi esemhlabeni. Incwadi yesAmbulo 1:​14, ayikhulumi ngohlobo lwezinwele zikaJesu lapho ithi: “Ikhanda nezinwele zakhe kwakumhlophe njengoboya obumhlophe, njengeqhwa,” kodwa ikhuluma ngombala wazo. Leli vesi alifanisi uhlobo lwezinwele zikaJesu neqhwa noma noboya kodwa libonisa ukuthi uJesu uhlakaniphile, ngoba usephile isikhathi eside.​—IsAmbulo 3:14.

Izinyawo zikaJesu “zazinjengethusi elicolekileyo lapho libengezela esithandweni somlilo.” (IsAmbulo 1:15) Ubuso bakhe “bunjengelanga likhanya ngamandla alo.” (IsAmbulo 1:16) Njengoba lungekho uhlanga olunesikhumba esifana nemibala echazwe kuleli vesi, kumelwe ukuba lo mbono ufanekisela okuthile. Ubonisa ukuthi uJesu ovusiwe ‘uhlala ekukhanyeni ongenakusondela kuko.’​—1 Thimothewu 6:​16.

Amanga: UJesu wayengenamandla futhi entekenteke.

Iqiniso: UJesu wayenamandla futhi enesibindi. Ngokwesibonelo, akazifihlanga lapho isixuku esihlomile sifuna ukumbopha. (Johane 18:​4-8) Kufanele ukuba uJesu wayenamandla ngoba wayengumbazi esebenzisa amathuluzi adinga amandla.​—Marku 6:3.

Pho kungani engazithwalelanga isigxobo ayezobethelwa kuso? Futhi kungani afa kuqala kunalabo ababebethelwe eduze kwakhe? (Luka 23:26; Johane 19:31-​33) Ngaphambi kokuba uJesu abethelwe, wayesevele esephelelwe amandla. Wayengalalanga ubusuku bonke, esinye isizathu salokho ukuthi wayecindezelekile. (Luka 22:42-​44) AmaJuda ayekade emshaya ebusuku, ngakusasa washaywa amaRoma. (Mathewu 26:67, 68; Johane 19:​1-3) Konke lokhu kwenza washeshe wafa.

Amanga: UJesu wayehlala edangele futhi engajabule.

Iqiniso: UJesu wayefuze uBaba wakhe osezulwini uJehova, iBhayibheli elimchaza ‘njengoNkulunkulu ojabulayo.’ (1 Thimothewu 1:​11; Johane 14:9) Empeleni, uJesu wafundisa nabanye indlela yokuthola injabulo. (Mathewu 5:​3-9; Luka 11:28) Konke lokhu kubonisa ukuthi uJesu wayebukeka ejabule.