Dlulela kokuphakathi

Umsuka We-Halloween—Lithini IBhayibheli Ngawo?

Umsuka We-Halloween—Lithini IBhayibheli Ngawo?

Impendulo YeBhayibheli

IBhayibheli alikhulumi nge-Halloween. Nokho, kokubili umsuka wayo wasendulo namasiko ayo anamuhla, kubonisa ukuthi iwumkhosi osekelwe ezinkolelweni ezingamanga ngabafileyo nemimoya engabonakali noma amademoni—Bheka isihlokwana esithi “Umlando we-Halloween namasiko ayo.”

IBhayibheli liyaxwayisa: “Akufanele kutholakale noma ubani phakathi kwenu . . . obuza izipoki noma imimoya, noma obuza kwabafileyo.” (Duteronomi 18:10-12, The Jerusalem Bible) Nakuba abanye bebheka i-Halloween njengokuzijabulisa okungenangozi, iBhayibheli libonisa ukuthi imikhuba ehambisana nayo iyingozi. Kweyoku-1 Korinte 10:20, 21 iBhayibheli lithi: “Angifuni ukuba nibe abahlanganyeli namademoni. Anikwazi ukuphuza indebe kaJehova nibe niphuza indebe yamademoni.”

Umlando we-Halloween namasiko ayo

  1. I-Samhain: I-World Book Encyclopedia ithi: Umsuka we-Halloween usekelwe kulo mkhosi wobuqaba wasendulo owawugujwa abantu abakhuluma isiCeltic eminyakeni engaphezu kuka-2000 edlule. AmaCelts ayekholelwa ukuthi ngalesi sikhathi abafileyo bayakwazi ukuhamba phakathi kwabaphilayo. Phakathi nomkhosi we-Samhain, abaphilayo bangakwazi ukuvakashela abafileyo.” Nokho, iBhayibheli lifundisa ngokucacile ukuthi “abafileyo bona abazi lutho.” (UmShumayeli 9:5) Ngakho abakwazi ukuxhumana nabaphilayo.

  2. Izingubo ze-Halloween, amaswidi nokucela izipho: Ngokwencwadi ethi Halloween​—An American Holiday, An American History, abanye kumaCelts babegqoka izingubo ezazibenza babukeke njengezipoki ukuze kuthi lapho izipoki zihlangana nabo zicabange ukuthi nabo bayizipoki bese zingabahlaseli. Abanye babepha imimoya amaswidi ukuze bashweleze. EYurophu yenkathi ephakathi, abefundisi bamaKatolika bamukela amasiko obuqaba futhi benza ukuba abalandeli babo bangene endlini ngendlu begqoke izingubo ezingavamile ukuze bacele izipho ezincane. Ngakolunye uhlangothi, iBhayibheli liyakwenqabela ukuxuba imikhuba yenkolo yamanga nokukhulekela uNkulunkulu.—2 Korinte 6:17.

  3. Izipoki, abantu okuthiwa baphenduka izimpisi nalabo abadla igazi, abathakathi nemikhovu: Sekuyisikhathi eside lezi zinto zihlotshaniswa nezwe lemimoya. (Halloween Trivia) IBhayibheli lisho ngokucacile ukuthi kufanele simelane nemimoya emibi singenzi imikhosi eyidumisayo.​—Efesu 6:12.

  4. Amathanga e-Halloween: EBrithani yenkathi ephakathi “abantu abathandazayo babengena endlini ngendlu becela ukudla ukuze bathandazele abafileyo futhi babephatha isibani esenziwe ngetheniphu ehlotshiselwe i-Halloween, eyayinekhandlela ngaphakathi elifanekisela umphefumulo uvaleleke endaweni yokuhlushwa.” (Halloween​—From Pagan Ritual to Party Night) Abanye bathi lezi zibani zazisetshenziselwa ukuxosha imimoya emibi. Ngawo-1800, eNyakatho Melika kwasetshenziswa amathanga esikhundleni samatheniphu ngoba ayemaningi futhi kwakulula kakhulu ukwenza izibani ze-Halloween ngawo. Izinkolelo ezihambisana naleli siko—umphefumulo ongafi, isihlanzo nokuthandazela abafile—azisekelwe eBhayibhelini.—Hezekeli 18:4.