Dlulela kokuphakathi

Sikhona Ngempela Yini Isihogo? Lithini IBhayibheli Ngesihogo?

Sikhona Ngempela Yini Isihogo? Lithini IBhayibheli Ngesihogo?

Impendulo yeBhayibheli

 Amanye amaBhayibheli ahunyushwa kudala, njenge-King James Version, asebenzisa igama elithi “isihogo” kwamanye amavesi. (IHubo 16:10; IzEnzo 2:27 a) Njengoba ubona esithombeni esitshengisa okufundiswa ezinye izinkolo esikulesi sihloko, abantu abaningi bacabanga ukuthi isihogo yindawo enomlilo ongacimi, okujeziswa kuyo abantu abangalungile. Kodwa ingabe ilokho okufundiswa iBhayibheli?

Kulesi sihloko

 Ingabe isihogo siyindawo yokushisa abantu phakade?

 Cha. Amagama ahunyushwe ngokuthi “isihogo” kwamanye amaBhayibheli amadala (ngesiHebheru, “iShiyoli”; ngesiGreki, “iHayidesi”) empeleni asho “iThuna,” abhekisela ethuneni laso sonke isintu. IBhayibheli liveza ukuthi abantu “abaseThuneni” abaphili.

  •   Abafile abezwa lutho, ngakho ngeke bakwazi ukuzwa ubuhlungu. “Akukho msebenzi, namcabango, nakwazi, nakuhlakanipha esihogweni.” (UmShumayeli 9:10, Douay-Rheims Version) Esihogweni akuvimbanisile umsindo wabantu abakhalayo. Esikhundleni salokho, iBhayibheli lithi: “Mabajabhiswe ababi, bathuliswe endaweni yabafileyo [esihogweni, Douay-Rheims].”—IHubo 31:17; King James Version (30:18, Douay-Rheims); IHubo 115:17.

  •   UNkulunkulu wathi ngukufa okuyisijeziso sesono, akashongo ukuthi ukuhlukunyezwa esihogweni somlilo. UNkulunkulu watshela umuntu wokuqala, u-Adamu, ukuthi isijeziso sokwephula umthetho kaNkulunkulu kwakuyoba ukufa. (Genesise 2:17) Akashongo lutho ngokuhlushwa kuze kube phakade esihogweni. Kwathi kamuva, u-Adamu esonile, uNkulunkulu wamtshela ukuthi siyoba yini isijeziso sakhe: “Ngoba uluthuli, uyobuyela othulini.” (Genesise 3:19) Wayengeke esaba khona. Uma uNkulunkulu ayezojezisa u-Adamu ngokumusa esihogweni somlilo, nakanjani wayezokusho lokho. UNkulunkulu akakasishintshi isijeziso sokwephulwa kwemithetho yakhe. Ngemva kwesikhathi eside u-Adamu onile, uNkulunkulu waphefumulela umbhali weBhayibheli ukuba abhale lokhu: “Inkokhelo yesono ukufa.” (Roma 6:23) Asikho isidingo sesinye isijeziso, ngoba “lowo ofile ukhululiwe esonweni sakhe.”—Roma 6:7.

  •   Indaba yokushiswa kwabantu kuze kube phakade iyenyanyeka kuNkulunkulu. (Jeremiya 32:35) Le mfundiso iyaphikisana nalokho esikufunda eBhayibhelini, ukuthi “uNkulunkulu uluthando.” (1 Johane 4:8) UNkulunkulu ufuna simkhonze ngoba simthanda, hhayi ngoba sesaba ukuhlukunyezwa kuze kube phakade.—Mathewu 22:36-38.

  •   Abantu abalungile baya esihogweni. AmaBhayibheli asebenzisa igama elithi “isihogo” aveza ukuthi abantu abathembekile, njengoJakobe noJobe, babekulindele ukuya esihogweni. (Genesise 37:35; Jobe 14:13) Ngisho noJesu imbala, kuthiwa wayesesihogweni esikhathini esiphakathi kokufa kwakhe nokuvuswa kwakhe. (IzEnzo 2:31, 32) Ngakho kusobala ukuthi igama elithi “isihogo” kula maBhayibheli, limane nje lisho iThuna. b

 Kuthiwani ngomfanekiso kaJesu wesicebi noLazaru?

 Lo mfanekiso owashiwo uJesu, utholakala kuLuka 16:19-31. Inhloso yalo mfanekiso ukusifundisa ngokuziphatha noma ngendlela kaNkulunkulu yokubuka izinto. Umfanekiso wesicebi noLazaru awuyona indaba eyenzeka ngempela. (Mathewu 13:34) Ukuze ufunde kabanzi ngalo mfanekiso, funda isihloko esithi “Isicebi NoLazaru—Kwakungobani?

 Ingabe isihogo sisho ukuthi umuntu akanabudlelwane noNkulunkulu?

 Cha. Imfundiso yokuthi abafile bayazi ukuthi abanabudlelwane noNkulunkulu iyaphikisana nalokhu okushiwo iBhayibheli, elisho ngokucacile ukuthi abafile abazi lutho.—IHubo 146:3, 4; UmShumayeli 9:5.

 Ukhona yini umuntu owake wakhululwa esihogweni?

 Yebo. IBhayibheli likhuluma ngabantu abangu-9 abaya eThuneni (okuyigama elihunyushwe ngokuthi “isihogo” kwamanye amaBhayibheli) labo bantu bavuswa baphinde baphila. c Ukube kukhona abakubona ngesikhathi besesihogweni, babezosho. Kodwa akekho noyedwa kubo othi washiswa noma othi nje kukhona akuzwa. Kungani? Njengoba iBhayibheli ligcizelela, labo bantu babengezwa lutho, kwakufana nokuthi ‘balele’ zwi ubuthongo.—Johane 11:11-14; 1 Korinte 15:3-6.

a AmaBhayibheli amaningi namuhla awalisebenzisi igama elithi “isihogo” encwadini yezEnzo 2:27. Kunalokho amanye asebenzisa igama elithi “ithuna,” (New Century Version); “indawo yabafile,” (New International Version); “abafile” (The Passion Translation). Amanye asebenzise izinhlamvu zesiGreki athi “iHayidesi.”​—Holman Christian Standard Bible, NET Bible, New American Standard Bible, English Standard Version.

b Bheka ibhokisi elithi “ Okushiwo AmaBhayibheli Ezilimi Zokuqala.”