Dlulela kokuphakathi

Izinkumbulo Zokusinda Ekufeni​—Yini Ezingayichazi?

Izinkumbulo Zokusinda Ekufeni​—Yini Ezingayichazi?

Impendulo YeBhayibheli

Abantu abaningi abaye basinda ekufeni bathi bakhumbula behlukaniswa nemizimba yabo noma bebona ukukhanya okugqamile noma indawo enhle ngokubabazekayo. Incwadi ethi Recollections of Death ithi: ‘Abanye abantu babheka lokhu njengelungelo lokuthi shazí ukuphila kwangemva kokufa.’ Nakuba iBhayibheli lingakhulumi ngabantu abanezinkumbulo zokusinda ekufeni, kodwa liqukethe amaqiniso ayisisekelo abonisa ukuthi akuyona imibono yokuphila kwangemva kokufa.

Abafileyo abazi lutho.

IBhayibheli lithi “abafileyo bona abazi lutho.” (UmShumayeli 9:5) Lapho sifa asidluleli kwelinye izinga lokuphila noma lokucabanga kodwa asibe sisaba khona. Imfundiso ethi sinomphefumulo ongafi oqhubeka uphila lapho imizimba yethu ifa ayiveli eBhayibhelini. (Hezekeli 18:4) Ngakho-ke, noma iziphi izinkumbulo ezifikela labo abacishe bafa, aziwona amazwibela ezulu, esihogo noma okuphila kwangemva kokufa.

Wathini uLazaru ngokuphila kwangemva kokufa?

Indaba kaLazaru eseBhayibhelini ikhuluma ngokufa okwenzeka ngokoqobo: UJesu wavusa uLazaru ngemva kwezinsuku ezine efile. (Johane 11:38-44) Ukube uLazaru wayekujabulela ukuphila kwangemva kokufa kwakuyoba into embi ngoJesu ukuba ambuyisele ekuphileni kwasemhlabeni. Nokho iBhayibheli alisho lutho ngokuphila kukaLazaru kwangemva kokufa. Ngokuqinisekile uLazaru wayezokhuluma ngokuphila kwakhe kwangemva kokufa uma ayebe nakho. Ngenxa yalokho, uJesu wafanisa ukufa kukaLazaru nokulala ebonisa ukuthi ngesikhathi uLazaru efile wayengazi lutho.​—Johane 11:11-14.