Dlulela kokuphakathi

Ziyini “Izihluthulelo Zombuso”?

Ziyini “Izihluthulelo Zombuso”?

Impendulo yeBhayibheli

“Izihluthulelo zombuso wamazulu” zimelela igunya lokuvulela abantu indlela ‘yokungena embusweni kaNkulunkulu.’ (Mathewu 16:19; IzEnzo 14:22) a UJesu wazinika uPetru “izihluthulelo zombuso wamazulu.” Lokhu kusho ukuthi uPetru wathola igunya lokukhanyisa ulwazi mayelana nendlela abantu abathembekile abangathola ngayo isipho sokungena eMbusweni wasezulwini ngokwamukela umoya ongcwele.

Lezi zihluthulelo zasetshenziselwa ukuzuzisa obani?

UPetru wasebenzisa igunya elivela kuNkulunkulu ukuze avulele amaqembu amathathu ukuba angene eMbusweni:

  1. AmaJuda nababeguqukele ebuJudeni. Ngemva nje kokufa kukaJesu, uPetru wakhuthaza isixuku sabantu abakholelwa ebuJudeni ukuba samukele uJesu njengokhethwe uNkulunkulu ukuba abuse eMbusweni. UPetru wababonisa lokho okumelwe bakwenze ukuze basindiswe. Ngokwenza kanjalo, wabavulela indlela yokungena eMbusweni futhi abayizinkulungwane “bamukela izwi lakhe.”​—IzEnzo 2:38-41.

  2. AmaSamariya. Kamuva uPetru wathunyelwa kumaSamariya. b Waphinde wasebenzisa isihluthulelo soMbuso lapho yena nomphostoli uJohane ‘bewathandazela ukuba athole umoya ongcwele.’ (IzEnzo 8:14-17) Lokhu kwavulela amaSamariya indlela yokuba angene eMbusweni.

  3. AbeZizwe. Eminyakeni emithathu nengxenye ngemva kokufa kukaJesu, uNkulunkulu wembulela uPetru ukuthi abeZizwe (abangewona amaJuda) nabo babezolithola ithuba lokungena eMbusweni. UPetru wabe esesebenzisa esinye sezihluthulelo ngokushumayeza abeZizwe, kanjalo ebavulela umnyango wokuba bamukele umoya ongcwele, babe amaKristu namalungu oMbuso esikhathi esizayo.​—IzEnzo 10:30-35, 44, 45.

Kusho ukuthini ‘ukungena embusweni’?

Labo ‘abazongena ngempela eMbusweni’ bazoba ababusi kanye noJesu ezulwini. IBhayibheli labikezela ukuthi ‘bayohlala ezihlalweni zobukhosi’ futhi “bayobusa njengamakhosi phezu komhlaba.”​—Luka 22:29, 30; IsAmbulo 5:9, 10.

Imibono eyiphutha mayelana nezihluthulelo zoMbuso

Umbono oyiphutha: UPetru nguye onqumayo ukuthi ubani ozongena ezulwini.

Okuyiqiniso: IBhayibheli lithi nguKristu Jesu, hhayi uPetru, “omiselwe ukwahlulela abaphilayo nabafileyo.” (2 Thimothewu 4:1, 8; Johane 5:22) Empeleni, uPetru ngokwakhe wathi uJesu “nguYe uNkulunkulu anquma ukuba abe umahluleli wabaphilayo nabafileyo.”—IzEnzo 10:34, 42.

Umbono oyiphutha: Ezulwini kwalindwa uPetru ukuba anqume ukuthi uzozisebenzisa nini izihluthulelo zoMbuso.

Okuyiqiniso: Lapho uJesu ekhuluma ngezihluthulelo zoMbuso, watshela uPetru: “Noma yini ongase uyibophe emhlabeni iyobe iyinto eboshiwe emazulwini, nanoma yini ongase uyithukulule emhlabeni iyoba yinto ethukululiwe emazulwini.” (Mathewu 16:19) Nakuba abanye beqonda la mazwi njengasho ukuthi uPetru nguye owayeyonqumela abasezulwini, amagama esiGreki sokuqala asetshenzisiwe abonisa ukuthi izinqumo zikaPetru zaziyolandela ezasezulwini kunokuba zizandulele. c

Kwenye indawo, iBhayibheli libonisa ukuthi uPetru wayelandela isiqondiso esivela ezulwini lapho esebenzisa izihluthulelo zoMbuso. Ngokwesibonelo, walandela umyalo ovela kuNkulunkulu lapho esebenzisa isihluthulelo sesithathu.​—IzEnzo 10:19, 20.

a Ngezinye izikhathi, iBhayibheli lisebenzisa igama elithi “isihluthulelo” njengophawu lwegunya nesikhundla.​—Isaya 22:20-22; IsAmbulo 3:7, 8.

b AmaSamariya ayesenkolweni ehlukile kweyobuJuda kodwa eyayihlanganisa izimfundiso nemicikilisho ethile eyayiseMthethweni KaMose.

c Bheka iphuzu lokutadisha likaMathewu 16:19 kuyi-New World Translation of the Holy Scriptures (Study Edition).