Dlulela kokuphakathi

Ingabe Usuku Lwethu Lokufa Selunqunyiwe Kakade?

Ingabe Usuku Lwethu Lokufa Selunqunyiwe Kakade?

Impendulo yeBhayibheli

Cha, usuku lwethu lokufa alunqunywa kusengaphambili. Kunokuba lisekele inkolelo yokudalelwa, iBhayibheli lithi ngokuvamile ukufa kubangelwa ‘isenzakalo esingalindelekile.’—UmShumayeli 9:11.

IBhayibheli alisho yini ukuthi ‘kunesikhathi sokufa’?

Liyasho, umShumayeli 3:2 uthi kunesikhathi “sokuzalwa nesikhathi sokufa, isikhathi sokutshala nesikhathi sokusiphula okutshaliweyo.” (IBhayibheli LesiZulu Elivamile) Nakuba kunjalo, umongo waleli vesi ubonisa ukuthi iBhayibheli likhuluma ngezinto ezivamile eziqhubeka zenzeka ekuphileni. (UmShumayeli 3:1-8) UNkulunkulu akasibekeli isikhathi sokufa njengoba engamphoqi nomlimi ukuba atshale ngesikhathi esithile. Kunalokho, iphuzu liwukuthi kufanele sigweme ukuba matasa kakhulu ngezinto ezivamile zansuku zonke size singamnaki uMdali wethu.—UmShumayeli 3:11; 12:1, 13.

Iminyaka yokuphila ingelulwa

Naphezu kokungaqiniseki kokuphila, singakwazi ukuphila isikhathi eside uma senza izinqumo ezihlakaniphile. IBhayibheli lithi: “Ukufundisa kohlakaniphileyo kungumthombo wokuphila, ukuze kudedwe ezihibeni zokufa.” (IzAga 13:14) Ngendlela efanayo, uMose watshela ama-Israyeli ukuthi uyengaphila ‘izinsuku ezinde’ uma elalela imiyalo kaNkulunkulu. (Duteronomi 6:2) Ngokuphambene nalokho, singakufishanisa ukuphila kwethu ngokwenza izinto ezimbi noma eziwubuwula.—UmShumayeli 7:17.

Nokho, kungakhathaliseki ukuthi sihlakaniphe kangakanani nokuthi siqaphe kangakanani ngeke sakwazi ukubalekela ukufa. (Roma 5:12) Nokho, lesi simo sizoshintsha ngoba iBhayibheli lithembisa isikhathi lapho ukufa ‘kungayikuphinde kube khona.’—IsAmbulo 21:4.