Dlulela kokuphakathi

Ingabe UDeveli Ungokoqobo?

Ingabe UDeveli Ungokoqobo?

Impendulo YeBhayibheli

Yebo, uDeveli ungokoqobo. ‘Ungumbusi waleli zwe,’ isidalwa somoya esaba sibi futhi savukela uNkulunkulu. (Johane 14:30; Efesu 6:11, 12) IBhayibheli lembula ubuntu bukaDeveli ngala magama nezincazelo:

Akuyona imfanelo yobubi

Abanye bacabanga ukuthi uSathane uDeveli uyimfanelo yobubi engaphakathi kwethu. Nokho, eBhayibhelini sithola ingxoxo ephakathi kukaNkulunkulu noSathane. UNkulunkulu uphelele, ngakho akunakwenzeka ukuthi wayekhuluma nobubi obungaphakathi kuye. (Duteronomi 32:4; Jobe 2:1-6) Ngokufanayo, uSathane walinga uJesu, ongenaso isono. (Mathewu 4:8-10; 1 Johane 3:5) Ngakho, iBhayibheli liveza ukuthi uDeveli ungokoqobo akayona nje imfanelo yobubi.

Abantu abaningi bakholelwa ukuthi uDeveli uwububi nje, hhayi umuntu ongokoqobo, ingabe kufanele kusimangaze lokho? Lutho neze, ngoba iBhayibheli lithi uSathane usebenzisa ukukhohlisa ukuze afeze izinjongo yakhe. (2 Thesalonika 2:9, 10) Elinye Iamaqhinga akhe ahamba phambili belilokhu liwukuphuphuthekisa abantu abaningi ngokuba khona kwakhe.—2 Korinte 4:4.

Amanga engeziwe ngoDeveli

Amanga: ULusifa ngelinye igama likaSathane

Iqiniso: Kwamanye amaBhayibheli igama lesiHebheru elihunyushwe ngokuthi “Lusifa” lisho “okhanyayo.” (Isaya 14:12) Umongo ubonisa ukuthi leli gama libhekisela ohlangeni lobukhosi noma ohlwini lwamakhosi aseBhabhiloni, uNkulunkulu ayezowathobisa ngenxa yokuziqhenya kwawo. (Isaya 14:4, 13-20) Igama elithi “okhanyayo” lasetshenziselwa ukwedelela inkosi yaseBhabhiloni ngemva kokususwa kwayo esihlalweni.

Amanga: USathane usebenzela uNkulunkulu ‘njengomshushisi.’

Iqiniso: UDeveli uyisitha sikaNkulunkulu, hhayi inceku yakhe. USathane uDeveli uphikisa futhi amangalele ngamanga labo abakhonza uNkulunkulu.—1 Petru 5:8; IsAmbulo 12:10.