Dlulela kokuphakathi

Lithini IBhayibheli Ngama-Easter?

Lithini IBhayibheli Ngama-Easter?

Impendulo yeBhayibheli

Umkhosi wama-Easter awusekelwe eBhayibhelini. Nokho, uma uhlola umlando wawo uzobona ukuthi uvelaphi ngempela—uyisiko elisekelwe emikhosini yasendulo yamasiko enzalo. Cabangela okulandelayo.

  1. Igama: I-Encyclopædia Britannica ithi: “Akuqinisekwa ukuthi livelaphi igama lesiNgisi elithi Easter; umfundisi wama-Anglo-Saxon, uVenerable Bede wangekhulu lesi-8 leminyaka, walithatha egameni likankulunkulukazi wasentwasahlobo wama-Anglo-Saxon, u-Eostre.” Abanye balihlobanisa no-Astarte, unkulunkulukazi wenzalo wamaFenike kanye no-Ishtar, unkulunkulukazi wenzalo waseBhabhiloni.

  2. Onogwaja: Bawuphawu lwenzalo “olwadluliselwa lusuka emikhosini yasendulo futhi bawuphawu lwemikhosi yasentwasahlobo yobuqaba yaseYurophu naseMpumalanga Ephakathi.”—Encyclopædia Britannica.

  3. Amaqanda: Ngokwe-Funk & Wagnalls Standard Dictionary of Folklore, Mythology and Legend, ukufuna amaqanda ama-Easter, okuthiwa alethwa unogwaja wama-Easter, akuwona nje umdlalo wezingane, kodwa uphawu lwesiko lwenzalo.” Ezinye izizwe zazikholelwa ukuthi amaqanda ama-Easter ahlotshisiwe “ayengaletha injabulo, ukuchuma, impilo nesivikelo ngokuyisimangaliso.”—Traditional Festivals.

  4. Izingubo ezintsha zama-Easter: “Kwakubhekwa njengokwedelela futhi kuwukuzibizela amashwa ukubingelela unkulunkulukazi wesentwasahlobo waseScandinavia, noma u-Eastre, ungagqokile izingubo ezintsha.”—The Giant Book of Superstitions.

  5. Izinkonzo zokuphuma kwelanga: Lezi zihlotshaniswa nemikhosi yabakhulekeli belanga basendulo “eyayenziwa ngesikhathi sonyaka lapho ukuma kwelanga kwenza ukuba imini nobusuku kulingane kuzo zonke izingxenye zomhlaba, [lena kwakuyimikhosi] yokwamukela ilanga namandla alo amakhulu aletha ukuphila okusha kuzo zonke izinto ezikhulayo.”—Celebrations—The Complete Book of American Holidays.

I-American Book of Days isichaza kahle isiqalo sama-Easter, ithi: “Akungabazeki ukuthi ngesikhathi iSonto lisafufusa lamukela amasiko asendulo obuqaba lawanikeza incazelo yobuKristu.”

IBhayibheli lixwayisa ngokumelene nokukhulekela uNkulunkulu ngokwenza amasiko noma imikhuba engamjabulisi. (Marku 7:6-8) Njengoba eyesi-2 Korinte 6:17 isho: “‘Phumani phakathi kwabo, nizihlukanise’ kusho uJehova, ‘futhi niyeke ukuthinta izinto ezingcolile.’” Abantu abafuna ukujabulisa uNkulunkulu kumelwe bagweme iholidi lama-Easter lamaqaba.