Dlulela kokuphakathi

Izethulo Zezincwadi ZeBhayibheli

La mavidiyo amafushane anikeza ulwazi oluwusizo mayelana nalokho okwakwenzeka lapho kubhalwa incwadi yeBhayibheli ngayinye nalokho ekuqukethe. Sebenzisa lezi zifundo ukuze ukujabulele kakhudlwana ukufunda nokutadisha iBhayibheli futhi uzuze nakakhulu kukho.

Isethulo Sencwadi YabaHluleli

Le ncwadi egcwele izenzakalo ibizwa ngegama lamadoda okholo anesibindi uNkulunkulu awasebenzisa ukuze akhulule ama-Israyeli kubacindezeli.

Isethulo Sencwadi Yoku-1 AmaKhosi

Funda ngo-Israyeli ngesikhathi senkazimulo nokuchuma kwakhe ngaphansi kokubusa kweNkosi uSolomoni kuze kube isikhathi sesiyaluyalu semibuso emibili, uJuda no-Israyeli.

Isethulo Sencwadi Yesi-2 AmaKhosi

Bona indlela ukuhlubuka okungcolisa ngayo umbuso wakwa-Israyeli osenyakatho njengoba uJehova ebusisa abambalwa abamkhonza ngenhliziyo ephelele.

Isethulo Sencwadi Yoku-1 IziKronike

Bheka uhlu lozalo nokuphila okuthakazelisayo kweNkosi eyayesaba uNkulunkulu, uDavide, kusukela ekubuseni kwakhe u-Israyeli kuze kube sekufeni.

Isethulo Sika-Ezra

UJehova ugcina isithembiso sakhe sokukhulula abantu bakhe ekudingisweni eBhabhiloni nesokubuyisela ukukhulekela kweqiniso eJerusalema.

Isethulo SikaNehemiya

Incwadi yeBhayibheli kaNehemiya inikeza bonke abakhulekeli beqiniso namuhla izifundo ezibalulekile.

Isethulo Sika-Esteri

Izenzakalo ezinkulu zangosuku luka-Esteri zizokwenza umethembe nakakhulu uJehova ukuthi unawo amandla okukhulula abantu bakhe namuhla.

Isethulo SikaJobe

Bonke labo abathanda uJehova bazobhekana novivinyo. Indaba kaJobe isenza siqiniseke ngokuthi singakwazi ukuhlala siqotho sisekele ubukhosi bukaJehova.

Isethulo SamaHubo

Incwadi yamaHubo isekela ubukhosi bukaJehova, isize futhi iduduze labo abamthandayo, ibonise nendlela uMbuso wakhe ozoshintsha ngayo umhlaba.

Isethulo SezAga

Thola isiqondiso esivela kuNkulunkulu cishe kuzo zonke izici zokuphila kwethu—kusukela kwezebhizinisi kuye ezindabeni zomndeni.

Isethulo SomShumayeli

Inkosi uSolomoni icacisa izinto ezibaluleke ngempela ekuphileni iziqhathanise nezinto ezingqubuzana nokuhlakanipha kwaphezulu.

Isethulo SesiHlabelelo SeziHlabelelo

Uthando olungapheli lwentombazane engumShulamithi ngomalusi lichazwe “njengelangabi likaJah.” Kungani?

Isethulo Sika-Isaya

Incwadi ka-Isaya ineziprofetho ezingashayi phansi. Ingakwenza umethembe ngokwengeziwe uJehova njengoMgcwalisi wezithembiso noNkulunkulu wensindiso yethu.

Isethulo SikaJeremiya

UJeremiya wanamathela ngokwethembeka esabelweni sakhe njengomprofethi naphezu kobunzima. Cabanga ngokuthi isibonelo sakhe singawasiza kanjani amaKristu namuhla.

Isethulo SesiLilo

Incwadi yesiLilo ibhalwe umprofethi uJeremiya futhi ibonisa indlela ayedabuke ngayo ngokuchithwa kweJerusalema nendlela ukuphenduka okuholela ngayo ekuzuzeni umusa kaNkulunkulu.

Isethulo SikaHezekeli

UHezekeli wafeza zonke izabelo ayezinikwe uNkulunkulu ngokuthobeka nangesibindi, kungakhathaliseki ukuthi zinzima kangakanani. Isibonelo sakhe siwusizo kakhulu kithi namuhla.

Isethulo SikaDaniyeli

UDaniyeli nabangane bakhe baqhubeka bethembekile kuJehova kungakhathaliseki ukuthi kwenzekani. Isibonelo sabo nokugcwaliseka kweziprofetho kungasizuzisa manje, kulesi sikhathi sokuphela.

Isethulo SikaHagayi

Isiprofetho esibonisa ukubaluleka kokubeka izinto eziphathelene noNkulunkulu kuqala ekuphileni kwethu kunezinto esizithandayo.

Isethulo SikaZakariya

Imibono neziprofetho eziningi ezivela kuNkulunkulu zaqinisa ukholo lwabantu bakaNkulunkulu esikhathini esidlule. Lezi ziprofetho zisaqhubeka zisiqinisekisa ukuthi uJehova usasisekela nanamuhla.

Isethulo SikaMalaki

Iyisiprofetho esinezimiso zikaJehova, umusa nothando lwakhe okungashintshi. Inikeza nezifundo ezibalulekile eziwusizo osukwini lwethu.

Isethulo SikaMathewu

Jabulela ukuthola imininingwane eyisisekelo ngale ncwadi yeBhayibheli, iVangeli lokuqala kwamane.

Isethulo SikaMarku

Incwadi emfushane emaVangelini, ukulandisa kukaMarku kunikeza amazwibela okubusa kukaJesu esikhathini esizayo njengeNkosi yoMbuso kaNkulunkulu.

Isethulo SikaLuka

Yini etholakala eVangelini likaLuka kuphela?

Isethulo SikaJohane

Indaba kaJohane ibonisa indlela uJesu ayesithanda ngayo isintu, isibonelo sakhe sokuthobeka nokuthi unguMesiya​—iNkosi yesikhathi esizayo yoMbuso kaNkulunkulu.

Isethulo Sencwadi YamaHebheru

Ukukhulekela kobuKristu kusekelwe ezintweni ezinkulu kakhulu kunamathempeli asemhlabeni nemihlatshelo yezilwane.

Okunye Ongase Ukuthande

IZINCWADI NEZINCWAJANA

IBhayibheli—Uyini Umyalezo Walo?

Uyini umyalezo weBhayibheli oyisisekelo?